Isaziso Sobumfihlo SeGoogle Payments 
Sagcina ukulungiswa ngomhla ka-18 Novemba 2024 
Inqubomgomo Yobumfihlo YeGoogle ichaza indlela esiyiphatha ngayo imininingwane  yomuntu lapho esebenzisa imikhiqizo namasevisi eGoogle. Uma ungaphansi kweminyaka engu 18, ungathola izinsiza ezengeziwe kuMmhlahlandlela Wobumfihlo Womuntu Osemusha  WeGoogle. 
IGoogle Payments inikezwa abantu abaneGoogle Account, futhi ukuyisebenzisa kwakho  kungaphansi kokulawula kweNqubomgomo Yobumfihlo YeGoogle. Ngaphezu kwalokho, lesi  Saziso Sobumfihlo sichaza izinyathelo zobumfihlo ezisetshenziswa iGoogle eziqondene  neGoogle Payments. 
Ukusebenzisa kwakho iGoogle Payments kulawulwa Imigomo Yesevisi YeGoogle Payments,  echaza kabanzi ngamasevisi angena kulesi Saziso Sobumfihlo. Amagama abhalwe  ngosonhlamvukazi angachazwanga kulesi Saziso Sobumfihlo kuzonikezwa incazelo yawo  kokuthi Imigomo Yesevisi YeGoogle Payments. 
Isaziso Sobumfihlo SeGoogle Payments sisebenza kumasevisi anikezwa yiGoogle LLC noma  yizinkampani eziphethwe yiyo ngokuphelele, kuhlanganise neGoogle Payment Corp. ('GPC').  Sicela ubheke Imigomo Yesevisi YeGoogle Payments oyithola kule sevisi ukuze ufunde ukuthi  iyiphi inkampani ephethwe enikeza le sevisi. 
- Kubasebenzisi abazinze eBrazil, umlawuli wedatha onomthwalo wokuphatha  imininingwane yakho yiGoogle LLC, futhi ngokwezinga okufuneka ngalo ngaphansi  komthetho waseBrazil, kungase kube yiGoogle Brasil Pagamentos Ltda 
 
-  Kubasebenzisi (ngaphandle kwalabo abathengisa emakethe yeGoogle) abazinze ku European Economic Area (ngaphandle kwe-UK), umlawuli wedatha onomthwalo  wokuphatha imininingwane yakho yiGoogle Ireland Limited 
 
-  Kubasebenzisi abazinze ku-European Economic Area, ngaphandle kwe-UK, futhi  abathengisa emakethe yeGoogle, umlawuli wedatha onomthwalo wokuphatha  imininingwane yakho yiGoogle Ireland Limited 
 
- Kubasebenzisi (ngaphandle kwalabo abathengisa emakethe yeGoogle) abazinze e-UK,  umlawuli wedatha onomthwalo wokuphatha imininingwane yakho yiGoogle LLC 
 
- Kubasebenzisi abazinze e-UK futhi abathengisa emakethe yeGoogle, umlawuli wedatha  onomthwalo wokuphatha imininingwane yakho yiGoogle Payment Limited 
 
Imininingwane esiyiqoqayo 
Ngaphezu kwemininingwane ebhalwe kokuthi Inqubomgomo Yobumfihlo YeGoogle, singase  futhi siqoqe nalokhu okulandelayo:
Imininingwane yokubhalisa 
Lapho ubhalisela iGoogle Payments, usungula iphrofayela yokukhokha yeGoogle ehlotshaniswa  neGoogle Account yakho. Kuye ngamasevisi eGoogle Payments owasebenzisayo, ngaphezu  kwemininingwane ebhalwe kokuthi Inqubomgomo Yobumfihlo YeGoogle, ungase ucelwe ukuba  unikeze imininingwane efana nalena: 
-  Inombolo yekhadi lesikweletu noma lokukhokha kanye nosuku ikhadi elizophelelwa  ngalo isikhathi 
 
-  Inombolo ye-akhawunti yasebhange kanye nosuku ezophelelwa ngalo isikhathi 
 
- Ikheli 
 
-  Inombolo yefoni 
 
- Usuku lokuzalwa 
 
-  Inombolo yomshwalense wezwe noma inombolo engumazisi womkhokhi wentela  (noma ezinye izinombolo zikamazisi okhishwe uhulumeni) 
 
- Kubathengisi noma amabhizinisi ngokuqondile, isigaba sebhizinisi kanye  nemininingwane ethile emayelana nobuningi bokuthengiswayo noma bamathransakshini 
 
Ezimweni ezithile, singase futhi sikucele ukuba usithumelele ulwazi olwengeziwe noma ukuba  uphendule imibuzo eyengeziwe ukuze kuqinisekiswe imininingwane yakho noma ukuthi  ungubani. Okokugcina, uma ubhalisa i-akhawunti yokukhokha engeyenkampani yenethiwekhi  noma yomhlinzeki wesevisi, sizokucela ukuba usinikeze ulwazi oluthile ngenkampani  yenethiwekhi noma yomhlinzeki wesevisi. 
Imininingwane yakho yokubhalisa igcinwa ngokuhlobene neGoogle Account yakho, futhi  ukubhaliswa kwendlela yokukhokha kuzogcinwa kumaseva eGoogle. Ezinye izinhlobo zedatha  zingase futhi zigcinwe nasedivayisini yakho yeselula. 
Imininingwane etholwe ezinkampanini zangaphandle 
Singase sithole ulwazi ngawe ezinkampanini zangaphandle, okuhlanganisa namasevisi  okuqinisekisa angawezinkampani zangaphandle. Lokhu kuhlanganisa: 
- Ulwazi olutholwe ngamathransakshini eGoogle Payments enziwe ezindaweni  zabathengisi 
 
- Ulwazi oluphathelene nokusebenzisa kwakho izindlela zokukhokha kanye nama akhawunti akho akhishwe yizinkampani zangaphandle alinkwe kuGoogle Payments 
 
- Ulwazi oludalula inkampani engumnikazi wekhadi noma inkampani yezezimali 
 
- Ulwazi oluphathelene nohlobo kanye nezinzuzo ezihlobene nendlela yakho yokukhokha 
 
- Ulwazi oluphathelene nokufinyelela kumabhalansi akuphrofayela yakho yokukhokha  yeGoogle
 
- Ulwazi oluvela enkampanini yenethiwekhi noma kumhlinzeki wesevisi mayelana  nezinkokhelo zenkampani yenethiwekhi noma zomhlinzeki wesevisi 
 
- Imibiko yabathengi, ngokwendlela igama elithi 'imibiko yabathengi' elichazwe ngayo yi-US Fair Credit Reporting Act 
 
- Ulwazi mayelana namathransakshini akho owenza nezinkampani zangaphandle  (njengabathengisi nabahlinzeki besevisi yokukhokha) oluzosetshenziselwa ukwenza  amamodeli obungozi bokukhwabanisa nokuhlinzeka izinkampani zangaphandle  ngamazinga obungozi bokukhwabanisa kanye namasevisi okuvimbela ukukhwabanisa 
 
Futhi, kubathengisi, singase sithole ulwazi ngawe nangebhizinisi lakho enkampanini elawula  ezezikweletu noma ngesevisi ehlinzeka ngolwazi lwamabhizinisi. 
Ulwazi ngamathransakshini 
Lapho usebenzisa iGoogle Payments ukuze wenze ithransakshini, singase siqoqe  imininingwane ngethransakshini, ehlanganisa: 
- Usuku, isikhathi kanye nenani lethransakshini 
 
- Indawo kanye nencazelo yomthengisi 
 
- Incazelo enikezwe umthengisi mayelana nezimpahla noma namasevisi athengiwe 
 
- Noma isiphi isithombe okhetha ukusihlanganisa naleyo thransakshini 
 
- Amagama kanye namakheli e-imeyili omthengisi nomthengi (noma othumelayo  nowamukelayo) 
 
- Indlela yokukhokha esetshenzisiwe 
 
- Incazelo yakho yesizathu sethransakshini kanye nomtitilizo ohlotshaniswa  nethransakshini, uma ukhona 
 
Indlela esiyisebenzisa ngayo imininingwane esiyiqoqayo 
Ngaphezu kokusetshenziswa okubhalwe kokuthi Inqubomgomo Yobumfihlo YeGoogle,  sisebenzisa ulwazi olunikeza thina, iGoogle Payment Corp. (GPC), noma enye yezinkampani  esiziphethe, kanye nolwazi ngawe esiluthola ezinkampanini zangaphandle, ukuze: 
- Sikuhlinzeke ngeGoogle Payments ngezinjongo zesevisi yamakhasimende 
 
- Sivimbele ukulimala kwamalungelo, kwempahla noma kokuphepha kweGoogle,  kwabasebenzisi bethu noma komphakathi, okuhlanganisa usizo lokuvimbela  ukukhwabanisa, ukwebiwa kwemininingwane ebucayi noma okunye ukuziphatha okubi 
 
- Sisize izinkampani zangaphandle ekuhlinzekeni ngemikhiqizo noma ngamasevisi  owacela kuzo 
 
- Sibuyekeze iphrofayela yakho yokukhokha yeGoogle ukuze sithole ukuthi usaqhubeka  yini nokuhlangabezana nemigomo yesevisi
 
- Senze izinqumo mayelana namathransakshini akho eGoogle Payments angesikhathi  esizayo  
 
- Sakhe futhi siqeqeshe amamodeli obungozi bokukhwabanisa ngemininingwane yakho  yangesikhathi esidlule neyamanje, futhi sikhiqize amazinga obungozi bokukhwabanisa  senze nokuhlola okwabelwana ngakho nezinkampani zangaphandle ngezinjongo zokuba  zikwazi ukuvimbela ukukhwabanisa nokuhlukumeza 
 
- Sikuhlinzeke ngolwazi mayelana nezakhi kanye nezinzuzo zendlela yakho yokukhokha  ukuze sikusize ukwazi kalula ukubona indlela yakho yokukhokha uma usebenzisa  iGoogle Payments 
 
- Sifeze ezinye izidingo zebhizinisi ezisemthethweni ezihlobene namathransakshini  eGoogle Payments aqalwe nguwe 
 
Singase silugcine ulwazi osinikeza lona phakathi naso sonke isikhathi sokusebenzisa kwakho  iGoogle Payments, nangesikhathi esengeziwe kuye ngokwesidingo sokuthobela izibopho zethu  ezingokomthetho nezemithethonqubo. 
Imininingwane esabelana ngayo 
Sizokwabelana ngolwazi lwakho siqu nezinye izinkampani noma nabantu abangaphandle  kweGoogle ezimweni ezilandelayo: 
- Ngokwalokho okuvumelekile kokuthi Inqubomgomo Yobumfihlo YeGoogle 
 
-  Ngokwalokho okuvunyelwe umthetho 
 
-  Ngokwesidingo sokucubungula ithransakshini yakho nokunakekela i-akhawunti yakho,  okuhlanganisa ukuhlinzeka ngentuthuko kwezokuvikela, ukuvikela i-akhawunti yakho  ekukhwabaniseni, nangezinye izinjongo zebhizinisi zansuku zonke 
 
- Ukuze uqedele ukubhalisela kwakho isevisi ehlinzekwa yinkampani yangaphandle 
 
- Sazise umthengisi ongowenkampani yangaphandle, ovakashela isayithi noma i-app  yakhe, ukuthi unayo yini iphrofayela yokukhokha yeGoogle engasetshenziselwa  ukukhokha esayithini noma ku-app yomthengisi. Ungakhetha ukuyivala le sethingi 
 
- Sabelane ngamazinga obungozi nokunye ukuhlolwa kokukhwabanisa nezinkampani  zangaphandle ezisebenzisa amasevisi eGoogle okuhlinzeka ngamazinga obungozi  nezindlela zokuvimbela ukukhwabanisa, ukuze kuvikelwe ukukhwabaniswa  nokusetshenziswa ngokufanele kwamathransakshini akho owenza nezinkampani  zangaphandle 
 
- Ukuze kusizwe ekuqinisekiseni ukuthi indlela yokukhokha iphephile futhi isemthethweni,  nokukuhlinzeka ngolwazi olufanele mayelana nezakhi kanye nezinzuzo zendlela yakho  yokukhokha, singase sabelane ngolwazi lwakho nenkampani ekuhlinzeke ngendlela  yokukhokha, nenethiwekhi yokukhokha, nabacubunguli, kanye namanxusa abo 
 
Izibonelo zokuthi kunini lapho imininingwane ingase yabiwe khona:
- Lapho uthenga noma wenza ithransakshini usebenzisa iGoogle Payments, senza ulwazi  oluthile ngawe lutholwe yinkampani noma umuntu othenga kuye noma othransaktha  naye. Lokhu kuhlanganisa ukwabelana ngolwazi lwakho nonjiniyela othenga kuye uma  usebenzisa iGoogle Payments ukuze uthenge kuGoogle Play 
 
- Lapho uthenga ngewebhusayithi noma nge-app usebenzisa iGoogle Pay, singase  sabelane ngekhodi yakho ye-ZIP noma yeposi kanye nolwazi mayelana nendlela yakho  yokukhokha ukuze umthengisi akwazi ukubala intela, ukuthumela impahla, kanye  neminye imininingwane ehlobene nezindleko ze-oda lakho (njengezindleko zokudiliva  kanye nolunye ulwazi oluphathelene nentengo) futhi ukuze sikwazi ukubona ukuthi  umthengisi angakwazi yini ukuyamukela leyo ndlela yokukhokha oyisebenzisayo kanye  nezinzuzo noma nemikhawulo ekhona endleleni ethile yokukhokhela lokho okuthengayo 
 
- Lapho ufaka indlela yokukhokha kuphrofayela yakho yokukhokha yeGoogle, singase  sishintshisane ngolwazi oluthile ngawe nomhlinzeki wokukhokha wenkampani  yangaphandle ukuze sobabili sikwazi ukukuhlinzeka ngesevisi. Ulwazi ngawe lungase  luhlanganise igama lakho, isithombe sephrofayela, i-imeyili, ikheli lesimiso se-inthanethi  (IP), ikheli lokukhokha, inombolo yefoni, ulwazi lwedivayisi, indawo, nolwazi olumayelana  nalokho okwenzeka kuGoogle Account 
 
- Uma uvakashela isayithi noma i-app yomthengisi obamba iqhaza, umthengisi angahlola  ukuthi unayo yini iphrofayela yokukhokha yeGoogle enendlela yokukhokha efanelekayo  engasetshenziselwa ukuthenga esayithini noma ku-app yomthengisi, ukuze kuncishiswe  amathuba okuthi ubone izakhi ezingasebenziseki emasayithini noma kuma-app 
 
- Lapho wenza ithransakshini nenkampani yangaphandle (njengabathengisi nabahlinzeki  besevisi yokukhokha), singase sithumele amazinga obungozi bokukhwabanisa kanye  nokunye ukuhlolwa kokukhwabanisa okuhlobene nethransakshini yakho yokukhokha  kulezi zinkampani zangaphandle, ngezinjongo zokuvinjelwa kokukhwabanisa  nokuhlukumeza 
 
Imininingwane esiyiqoqayo, okuhlanganisa nolwazi olutholwe ezinkampanini zangaphandle,  kungase kwabelwane ngayo namanxusa ethu, okuyizinkampani ezingezeGoogle LLC futhi  ezilawulwa yiyo. Ozakwethu, okungaba amabhizinisi ezezimali noma angewona awezezimali,  bazosebenzisa ulwazi olunjalo ngezinjongo ezidalulwe eSazisweni Sobumfihlo  nakuNqubomgomo Yobumfihlo YeGoogle, okuhlanganisa nezinjongo zansuku zonke zebhininisi  labo. 
Sikuhlinzeka ngelungelo lokuphuma kunoma yikuphi ukwabelana okukhona phakathi kwe-GPC  namanxusa ayo, uma kusebenza. Ngokuqondile, ungakhetha ukuphuma kulokhu: 
- Ukwabelana phakathi kwe-GPC namanxusa ayo ngolwazi olumayelana nokufanelekela  kwakho ukuthola isikweletu ngezinjongo zansuku zonke zebhizinisi lawo; kanye/noma 
 
- Namanxusa ethu akhangisa ngemikhiqizo noma ngamasevisi awo kuwe ngokusekelwe  olwazini olumayelana nawe esiluqoqayo futhi sabelane ngalo nawo. Lolu lwazi  luhlanganisa nomlando we-akhawunti yakho onawo nathi. 
 
Futhi ungakhetha nokuphuma ekutheni iGoogle LLC noma amanxusa ayo atshele umthengisi  wenkampani yangaphandle, ovakashela isayithi noma i-app yakhe, ukuthi unayo yini iphrofayela  yokukhokha yeGoogle engasetshenziselwa ukukhokha ngesayithi noma nge-app yomthengisi.
Uma ukhetha ukuphuma, ukukhetha kwakho kuzosebenza kuze kube yilapho usitshela ukuba  sikushintshe. 
Uma ungafuni ukwabelana ngolwazi olungawe siqu mayelana nokufaneleka kwakho ukuthola  isikweletu phakathi kwe-GPC namanxusa ayo, noma uma ungafuni ukuthi amanxusa ethu  asebenzise ulwazi esiluqoqile ngawe nokuthi abelane ngalo ukuze akhangise kuwe, noma uma  ungafuni ukuthi iGoogle LLC noma amanxusa ayo atshele umthengisi wenkampani  yangaphandle, ovakashela esayithini noma ku-app yakhe, ukuthi unayo yini iphrofayela  yokukhokha yeGoogle, sicela ubonise okuncamelayo ngokungena ngemvume ku-akhawunti  yakho, uye kumasethingi obumfihlo eGoogle Payments ukuze ubuyekeze okuncamelayo. 
Ngeke sabelane ngolwazi olungawe siqu nanoma ubani ongaphandle kwe-GPC noma  namanxusa ethu ngaphandle ngokwalokho okuchazwe kulesi Saziso Sobumfihlo noma  kuNqubomgomo Yobumfihlo yeGoogle. IGoogle Payments ingumkhiqizo onikezwa labo  abaneGoogle Account. Idatha oyinikeza iGoogle LLC ngenjongo yokubhalisela iGoogle Account  ayithintwa yimibandela yokuphuma ekulesi Saziso Sobumfihlo. 
Ukugcina imininingwane yakho ivikelekile 
Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nemikhuba yethu yokuvikeleka, sicela ubheke  Inqubomgomo Yobumfihlo YeGoogle. 
Ukuvikeleka kwephrofayela yakho yokukhokha yeGoogle kuncike ekugcineni amaphasiwedi e akhawunti yakho, ama-PIN neminye imininingwane yokungena kule Sevisi kuyimfihlo: 
- Uma wabelana ngemininingwane yeGoogle Account yakho nenkampani yangaphandle,  izokwazi ukufinyelela kuphrafayela yakho yokukhokha yeGoogle nasolwazini olungawe  siqu 
 
- Kuwumthwalo wakho ukulawula ukufinyelelwa edivayisini yakho yeselula naku application yeGoogle Payments esedivayisini yakho, okuhlanganisa nokugcina  amaphasiwedi akho kanye/noma i-PIN kuyimfihlo nokuba ungakunikezi omunye umuntu 
 
- Futhi kuwumthwalo wakho ukwazisa iGoogle noma uzakwethu ofanele uma ukholelwa  ukuthi ukuvikeleka kolwazi oluku-application yeGoogle Payments lufohliwe 
 
Noma iluphi ulwazi oluhlinzeka ngokuqondile kumthengisi wenkampani yangaphandle,  iwebhusayithi noma i-application akukhulunywa ngalo kulesi Saziso Sobumfihlo. Asinaso  isibopho ngemikhuba yobumfihlo noma yokuvikeleka yabathengisi noma ezinye izinkampani  zangaphandle okhetha ukwabelana nazo ngokuqondile ngolwazi lwakho lomuntu siqu.  Sikukhuthaza ukuba ubuyekeze izinqubomgomo zobumfihlo zanoma iyiphi inkampani  yangaphandle okhetha ukwabelana nayo ngokuqondile ngolwazi olungawe siqu. 
© 2024 Google – Ikhasi Lasekhaya LeGoogle Imigomo Yesevisi YeGoogle Izaziso Zobumfihlo  Zangaphambili