Isaziso sobumfihlo se-Google Payments

Siyilungise mhla ziyi-28 kuNdasa wezi-2022

Inqubomgomo Yobumfihlo ye-Google ichaza ukuthi siluphatha kanjani ulwazi lomuntu siqu uma usebenzisa imikhiqizo namasevisi e-Google. Uma ungumsebenzisi ongaphansi kweminyaka eyi-18, ungathola izinsiza ezengeziwe kuMhlahlandlela Wobumfihlo Wentsha we-Google. I-Google Payments inikezwa abanikazi be-akhawunti ye-Google, futhi ukuyisebenzisa kwakho kungaphansi kweNqubomgomo Yobumfihlo ye-Google. Ngaphezu kwalokho, lesi Saziso Sobumfihlo sichaza izindlela zangasese ze-Google eziqondene ne-Google Payments.

Ukusebenzisa kwakho i-Google Payments kubuswa yiMigomo Yesevisi ye-Google Payments, echaza kabanzi Amasevisi akhavwa yilesi Saziso Sobumfihlo. Amatemu enziwe osonhlamvukazi angachazwanga kulesi Saziso Sobumfihlo se-Google Payments azoba nencazelo anikezwe yonke kuMigomo Yesevisi ye-Google Payments.

ISaziso Sobumfihlo se-Google Payments sisebenza kumaSevisi anikezwa yi-Google LLC noma izinkampani eziphethwe yiyo ngokuphelele, kufaka i-Google Payment Corp. ('GPC'). Sicela ubheke Imigomo Yesevisi ye-Google Payments oyithola kule Sevisi ukuze ufunde ukuthi iyiphi inkampani ephethwe enikeza leyo Sevisi. Kubasebenzisi (ngaphandle kwalabo abathengisa emakethe ye-Google) abazinze e-European Economic Area (ngaphandle kwelase-UK), umlawuli wedatha onomthwalo ngolwazi lwakho yi-Google Ireland Limited. Kubasebenzisi (ngaphandle kwalabo abathengisa emakethe ye-Google) abazinse e-UK, umlawuli wedatha onomthwalo ngolwazi lwakho yi-Google LLC. Uma uzinze e-European Economic Area, ngaphandle kwelase-UK, futhi uthengisa emakethe ye-Google, umlawuli wedatha onomthwalo ngolwazi lwakho yi-Google Payment Ireland Limited. Uma uzinze kwelase-UK futhi uthengisa emakethe ye-Google, umlawuli wedatha onomthwalo ngolwazi lwakho yi-Google Payment Limited. Kubasebenzisi abazinze e-Brazil, umlawuli wedatha onomthwalo ngolwazi lwakho yi-Google LLC, futhi ngokwezinga okufuneka ngalo ngaphansi komthetho wase-Brazil, kungase kube yi-Google Brasil Pagamentos Ltda.

Ulwazi esiluqongelelayo

Ngaphezu kolwazi olubalwe kuNqubomgomo Yobumfihlo ye-Google, singase siqoqe nokulandelayo:

Indlela esisebenzisa ngayo ulwazi esiluqoqayo

Ngaphandle nje kwezindlela zokusebenzisa ezichazwe kuNqubomgomo Yobumfihlo ye-Google, sisebenzisa ulwazi osinikeza lonke ne-GPC noma enye yezinkampani esiziphethe, kanye nolwazi mayelana nawe oluvela ezinkampanini zangaphandle, ukuze sikunikeze i-Google Payments ngezinjongo zamasevisi amakhasimende, nokuvimbela ukulinyazwa kwamalungelo, impahla noma ukuphepha kwe-Google, abasebenzisi bethu noma umphakathi, kufaka ukusiza ekunqandeni ukukhwabanisa, ubugebengu bokweba imininingwane ebucayi noma okunye ukuziphatha okungafanele. Lolu lwazi lungase lusetshenziselwe nokusiza izinkampani zangaphandle ekuhlinzekeni imikhiqizo noma amasevisi owacela kuzo. Futhi sisebenzisa ulwazi ukubuyekeza i-akhawunti yakho ye-Google Payments ukuze sinqume ukuthi ingabe uyaqhubeka ufinyelela imigomo ye-akhawunti, ukwenza izinqumo mayelana nokwenziwa ku-Google Payments esikhathini esizayo nezinye izidingo zebhizinisi ezisemthethweni ezihlobene nokwenziwa ku-Google Payments okuqalwe nguwe.

Ulwazi lwakho lokubhaliswa lugcinwa kanye ne-akhawunti yakho ye-Google, futhi ukubhalisa kwakho indlela yokukhokha kuzogcinwa kumaseva e-Google. Ngaphezu kwalokho, ama-elementi athile edatha nawo angase agcinwe kudivayisi yakho yeselula. Singase silondoloze nolwazi oluhlinzekayo isikhathi esinwetshiwe ngenjongo yokuthobela inqubo esemthethweni nezibopho zezomthetho.

Ulwazi esabelana ngalo

Sizokwabelana ngolwazi lwakho siqu nezinye izinkampani noma abantu abangaphandle kwe-Google nezimweni ezilandelayo:

Isibonelo, uma uthenga noma wenza okuthile usebenzisa i-Google Payments, senza ulwazi oluthile lomuntu siqu mayelana nawe lutholwe yinkampani noma umuntu othenga kuye noma owenza okuthile naye. Lokhu kufaka ukwabelana ngolwazi lwakho nonjiniyela othenga kuye uma usebenzisa i-Google Payments ukuze uthenge ku-Google Play. Futhi kungafaka ukuthumela kuwebhusayithi yomthengisi noma ku-app ikhodi yakho ye-ZIP noma ikhodi yeposi nolwazi mayelana nendlela yakho yokukhokha uma wenza inkokhelo usebenzisa 'Thenga nge-Google Pay' noma inkinobho efanayo, ukuze umthengisi abale ulwazi lokuthenga olubuyekeziwe (njengentela, izindleko zokudiliva nolunye ulwazi lwentengo) kanye nokubona ukuthi umthengisi angayamukela yini leyo ndlela yokukhokha kuwe kanye nezinzuzo noma imikhawulo yezindlela ezithile zokukhokha othenga ngazo. Uma ufaka indlela yokukhokha yenkampani yangaphandle ku-akhawunti yakho ye-Google Payments, singase sicobelelane ngolwazi lomuntu siqu mayelana nawe, njengegama lakho, isithombe sephrofayela, i-imeyili ikheli le-PI nelokukhokha, inombolo yefoni, ulwazi lwedivayisi, indawo kanye nolwazi lomsebenzi we-akhawunti ye-Google, nomhlinzeki wenkokhelo wenkampani yangaphandle uma kudingeka ukuze sihlinzeke isevisi.

Uma uvakashela isayithi noma i-app yomthengisi ohlanganyelayo, umthengisi angahlola ukuthi unayo yini i-akhawunti ye-Google Payments enendlela yokukhokha efanelekile engasetshenziselwa ukuthenga kusayithi noma ku-app yomthengisi, ukuze kuncishiswe amathuba okuthi ubone izakhi ezingasebenziseki kumasayithi noma kuma-app.

Noma iluphi ulwazi oluhlinzeka ngokuqondile kumthengisi wenkampani yangaphandle, iwebhusayithi noma uhlelo lokusebenza aluhlanganiswa yilesi Saziso Sobumfihlo. Asinaso isibopho ngemikhuba yobumfihlo noma yokuvikeleka yabathengisi noma ezinye izinkampani zangaphandle okhetha ukwabelana nazo ngokuqondile ngolwazi lwakho lomuntu siqu. Sikukhuthaza ukuba ubuyekeze izinqubomgomo zobumfihlo zanoma iyiphi inkampani yangaphandle okhetha ukwabelana nayo ngokuqondile ngolwazi lwakho lomuntu siqu.

Ulwazi esiluqoqayo, olufaka ulwazi olutholwe ezinkampanini zangaphandle, lwabelwana namanxusa ethu, okusho ezinye izinkampani ze-Google LLC futhi ezilawulwa yiyo. Amanxusa ethu, okungase kube yizinkampani zezimali nezingezona ezezimali, azosebenzisa lolu lwazi ngezinjongo ezivamile zebhizinisi.

Sikunikeza ilungelo lokukhetha ukuhoxa ekwabelaneni okuthile phakathi kwe-GPC namanxusa ayo. Ngokukhethekile, ungakhetha ukuhoxa kulokhu:

Futhi ungakhetha ukuhoxa ekutheni i-Google LLC noma amanxusa ayo atshele umthengisi wenkampani yangaphandle, ovakashela isayithi noma i-app yakhe, ukuthi unayo yini i-akhawunti ye-Google Payments engasetshenziselwa ukukhokha ngesayithi noma nge-app yomthengisi.

Uma ukhetha ukuphuma, ukukhetha kwakho kuzosebenza kuze kube yilapho usitshela khona ukuthi uyakushintsha okukhethayo.

Uma ungafuni ukwabelana ngolwazi lomuntu siqu mayelana nokufaneleka kwakho ukuthola isikweletu phakathi kwe-GPC namanxusa ayo, noma uma ungafuni ukuthi amanxusa ethu asebenzise ulwazi lwakho esiluqoqile futhi abelane ngalo ukuze akhangise kuwe, noma u a ungafuni ukuthi i-Google LLC noma amanxusa ayo atshele umthengisi wenkampani yangaphandle, ovakashela isayithi noma i-app yakhe, ukuthi unayo yini i-akhawunti ye-Google Payments, sicela ubonise okuncamelayo ngokungena ngemvume ku-akhawunti yakho, uye ekhasini lamasethingi obumfihlo e-Google Payments futhi ubuyekeze okuncamelayo.

Ngeke sabelane ngolwazi lwakho siqu nanoma ubani ongaphandle kwe-GPC noma namanxusa ethu ngaphandle uma kuchazwe kulesi Saziso Sobumfihlo noma kuNqubomgomo Yobumfihlo ye-Google. Njengoba kuchazwe ngenhla, i-Google Payments iwumkhiqizo onikezwa abanikazi be-akhawunti ye-Google. Idatha oyinikeza i-Google LLC ngenjongo yokubhalisela i-akhawunti ye-Google ayithintwa yimibandela yokuphuma kulesi Saziso Sobumfihlo.

Ukuvikeleka kolwazi

Ukuthola ulwazi oluthe xaxa mayelana nemikhuba yethu yokuvikeleka, sicela ubone iNqubomgomo Yobumfihlo ye-Google eyinhloko.

Ukuvikeleka kwe-akhawunti yakho ye-Google Payments kuncike ekugcineni ama-aphasiwedi e-akhawunti yakho, ama-PIN nolunye ulwazi lokungena kule Sevisi luyimfihlo. Uma wabelana ngolwazi lwe-akhawunti yakho nenkampani yangaphandle, izokwazi ukungena ku-akhawunti yakho nokubona ulwazi lwakho lomuntu siqu.

Kuwumthwalo wakho ukulawula ukufinyelelwa kwedivayisi yakho yeselula nohlelo lokusebenza lwe-Google Payments kudivayisi yakho, kufaka ukugcina amaphasiwedi akho kanye/noma i-PIN iyimfihlo futhi ungayinikezi noma ubani omunye. Futhi kuwumthwalo wakho ukwazisa i-Google noma uzakwethu ofanele uma ukholwa ukuthi ukuvikeleka kolwazi olusohlelweni lokusebenza lwe-Google Payments lufohliwe.

© 2020 Google – I-Google Home Imigomo Yesevisi ye-Google Izaziso Zobumfihlo Ezidlule